Book Creator

Amaholide

by Mmatshepo Lebyane

Cover

Loading...
Amaholide
Loading...
Loading...
Written by: MM Lebyane Illustrator: iStock. com
Abalingiswa

Themba : Umlingiswa osemqoka
Khwezi : Umlingiswa osemqoka
Thando :Umzala ka Themba noKhwezi
Umama :Umama kaThemba noKhwezi
Umkhulu :Umkhulu kaThemba noKhwezi
Buhle :Umngani kaThando
1
Mama: Sesifikile-ke komkhulu nogogo wenu, nizohlala lapha kuze kuphele amaholide esikole. Benikujabulela ukuba lapha nisebancane, ngiyethemba kusenjalo.
Themba: Kodwa sesikhulile manje, ngeke sisathokoziswa ukuhlala emafami nezinkukhu.
Khwezi: Yebo. Akusafani nakudala.
Mama: Haibo! Kahleni ngehaba. Niziphathe kahle, sengiyonibona sekuphela amaholide. (ehleka).
Themba noKhwezi: Yebo mama. (Ngamazwi aphansi).
2
Mkhulu: Sanibona bazukulu, ngaze ngajabula ukunibona bo! kade sagcinana!
Themba noKhwezi: (Ngamazwi aphansi). Sawbona mkhulu.
Mkhulu: Niyawathanda ama a-apula?
(Kuthuleke kancane).
Mkhulu: Kulungile ke, ngiyethemba nizokujabulela ukuba lapha njengezisuku zakudala. (ehleka).
3
Ngosuku okulandelayo...
Themba: Kwaze kwamnandi ukugibela isikebhe.
Khwezi: Yebo. Ingabe bewazi ukuthi imifula iwomunye umthombo lapho singathola khona amanzi?
Themba: Hhawu! Ngempela bengingazi, kusho ukuthi ibalulekile imifula ngoba vele siyawadinga amanzi ukuze sihlale sinempilo. Akumele sidlale ngawo nakancane.
Khwezi: Uqinisile. Kodwa abuye abe yingozi kakhulu, akufanele sidlale lapha emfuleni singamazisanga umkhulu noma engasiqaphanga.
4
Themba: Hhawu! Nangu uThando umzala wethu, buka usekhule kanjani.
Khwezi: Ngiyamkhumbula. Sawubona Thando. (ememeza).
Thando: Sawubona Khwezi, sawubona Themba.
Themba: Ngaze ngajabula ukubona uThando, sesizoba nomuntu esizodlala naye.
5
PrevNext